Press
Abangayidli inyama sebezibekele indawo ezosweni mhla kubungazwa usuku lwezinhlanga nobuciko
Njengenjwayelo yeminyaka yonke, izinkulungwane zabantu base-Ningizimu Afrika. Bayahlangana babungaze usuku lokugubha nokufundiswa ngamasiko anhlobo nhlobo kuzo zonke izinhlanga ezikhona e-Ningizimu Afrika. Lokhu kubungazwa kwalolusuku kujwayele ukwenziwa ngomhla zinga-24 kuMandulo minyaka yonke. Kusuke kuhlangene zonke izinhlanga zase Ningizimu Afrika, Kujatshulwe, Kufundiswana kucotshelelwana ngokwahlukahlukana kwemikhuba yamasiko onke alapha futhi kudekwe nedili likamkhipheni kusindwe ngobe thole izidlo ezahluka hlukene. Kanti ke kwabaningi ukosa inyama yenkomo kanye ne Vosi(boerewors) sebakwenza kwaba ukudla okungu ngqa phambili ohlwini lokudla okusuke kudliwa ngalolusuku. Kodwake, ingabe zikhona yini ezinye izinhlobo eziconsisa amathe nezehla esiphundu abantu abangafisa ukuziphaka ezimbengeni zabo?
Unyaka nonyaka inhlangano eqwashisa ngokudla imifino yalapha e-Ningizimu Afrika i-ProVeg SA. Yenza umcimbi omukhulu obizwa nge-Plant Based event okuyilapho esuke ibungaza ukunotha noku ceba kwamasiko ezweni lethu kanye nokugqamisa noku khuthaza isiko lokudliwa kwemifino. Kulonyaka i-ProVeg SA Organisation imema zonke izakhamuzi zase Ningizimu Afrika ngobuningi bazo ukuba zizifikele qathatha ukuzozwa ubumtoti nobunqambothi bemikhiqizo yokudla eminingi engajwayelekile ekhandwe ngemifino, inempilo futhi enambitheka kamnandi ongayidla esikhundleni sokuhlezi udla inyama. Konke lokhu okutholakala emakethe yabo yakwa ProVeg.
Ukudla okomisiwe noma okugciniwe
Izinkulungwane zabantu kulelizwe, zithatha umqondo wokuyekwiswa noma wokushintshiswa indlela yokudla noma ukuyeka ukudla inyama njengokubamba isisila sehobhe kulokhu kubungazwa kwalolusuku. Kodwa iqiniso lingukuthi ukudla inyama akusilo usikolethu, olwethu usiko njengesizwe lundlalekile ngezindlela ezahlukahlukene. Kusukela ekuxubabeni kwamasiko, izizwe ezahlukahluke, ukuvumelana kokuhlanganiswa kwezilimi ezikhona, ubuhle bendalo esinabo kanye nenqayizivela yempilokwahlukana kwethu. Noma kunjalo, ukudla kuyisiko futhi ukudla okumtoti kuwuhlelo oluyisisekelo kulombungazo. Kodwa lomqondo uyashintsha ngokusibonisa ukuthi ukudla imifino kubalulekile futhi kumele kubonwe njengenjwayelo esikhundleni senyama. Kanti ukushintsha indlela yethu yokudla kungasisiza ekulondolozeni i mvelo njengoba umcalahle ontuhlambili kanye nezinsiza kuncipha. “Izoso noma inyama yokosa iyinhlanganisela osikweni lwasNingizimu Afrika nabahlali ukuzwa ubumbano kubungezwa usiko lwethu olucebile” kusho uDonovan Will. Abantu abaningi eNingizimuabangayidli imifino noma abaphili impilo yokungayidli inyama bayabuza ukuthi kungani bengakhetha ukudla okufaniswa nokunambitheka njengenyama. Kodwa bengayekanga ukuyidla ngoba bengathandi indlela enambitheka ngayo. Kungenxa yezimo zempilo nenhlalo.” Futhi sisengathanda ukudla izinto esizijwayele. Ngiyacabanga kumqoka ubonisa abantu ukuthi akudingeki ukudla izilwane ukuze babe nokunambitheka abakujwayele futhi bakuthokozele “eqhubeka.
Uma ngabe ukhathazekile ukuthi izithameli angeke ziyijabulele imifino noma ukudla okungenanyama, kuningi ukudla ongakuthola okungaba isifakelo salokho kudla, futhi izithameli ngeke zinake umangabe ungashongo lutho. Ngosuku lwe World Burger Day kuNhlaba zingu 28 kulonyaka uProVeg ubungaze iqembu lwabokuphuthuma bomthetho eKapa ngesidlo sasemini. Bekunambithwa bengatshelwanga, isifakelo besifike nabakwa Beyond Meat, bacibungula bahlola ukuthi izinga liyisishiyagalolunye eshumini, ngokumangala bechazelwa ukuthi bebezitika ngikudla kwemifino okungenanyama kwenqwayizivele kodwa kume ncamashi ohlangithini lwenyama.
Bans go Bust
Iminyaka bekunezinsongelo zokuqhwaga izifakelo zemifino noma izidlo zemifino eNingizimu. Kepha izonsobongela zemifino ezibizwa “burger ban” zehluliwa enkantolo enkulu ekuqaleni konyaka, zivumela imikhiqizo yezifakela zemfinonyama ukuba ziwagcine amagama ango burger, sausage nelika nugget. Kusukela kulesosinqumo bekuneminye imizamo yomthetho ebiqhutshwa umnyango wokutshala, ukubuyiswa komhlaba nokuthuthukiswa kwezokuhlala emakhaya, ebizungeza kulemikhiqizo kodwa kubukeka sengathi kusazoba nengqikimba.
Sekushiwo lokho, uhulumeni wenhlanganiso emu a kokhetho, umnyango wokutshala uzohlukaniswa kabili, ngenxa yanhlangano iDA ibekwe ukuphatha umnyango wezokutshala- ngokucabanga bayanxenxeza kwezemifino futhi abakhombisi ukuvimba noma ukusula imizamo esizanyiwe. Imifino ezoba uvala noma umlingani wezenyama ubonakala uvela ezimpahleni ezithengwayo eNingizimu Afrika.
Kusenzima ukukhomba ukuba lendima yemfino noma umlingani wenyama eNingizimu uyakhula noma uyehla, kepha uProVeg plant-based friendliness restaurant report ukhombisa inani elidlondlobalayo kwabafika belle bedle nabaphuthumayo, ekhombiswa umphathakathi ukuthi lezozidlo zithengiswa enanini elithi malilingane nezenyama ukuveza ukuthi lithandiwe futhi lisazoqhubeka.
Kunedlanzane lwabantu abangayindli nhlobo inyama lwabantu abangayidli inyama eNingizimu Afrika, muntu mine engacubungula usiko mpilo nabayiphilayo lempilo ongazuthi isandokuvela noma inguhlobo olusha olusanambitheka ekuthengweni kwalo. Ngomfutho oshisayo onikeza abahlali isihlanga esinye enyameni ebesijwayelekile emnyakeni, kwabezohwebo lokudla eliphuzulu kwezokudla abanjengo Checkers kanye noWoolworths bedayisa okwabo okukhuza imifino noma ozifakelo zenyama. Konke lokhu kukhombisa ukuthi usiko mpilo lwemfino nezifakela nyama ziyaphilisa futhi zimtoti kwabazithokozelayo. Ngesibonelo, ku Ntulikazi uProVeg uqophe izifakeli ezinga351: ezifaka 126 plant milk, 91 vegan cheese, 30 vegan yogurts, 10 vegan butters kanye ne 94 vegan ice creams. Abase Ningizimu abakaze babe nezinhlobo zokudla yemfino nemifakela nyama engaka ebekiwe ngaphambi kwabo njengabathengi.
“Uma ngabe ungabuza umhlali thizeni wase Ningizimu: Uyayikhathalela indawo? Impilo? Izilwane zona? Wonke umuntu uthi yebo,” Kusho uDonovan Will. Bancane abantu abangathi: “anginandaba nempilo, indawo nazo futhi izilwane”. Kodwa wena ke, ungakwazi ukuyiphila impilo yemifino nezifakelo zenyama?Kulowo mbuzo, abanye bathi yebo, abanye bathi cha…… kodwa ngokubanikeza imikhiqizo efana ncamashi nenyama, awudinge kuheha muntu ngenhlalakahle yempilo, noma yendawo , yoma iyiphi na! Ungavele uthi kunemikhiqizo emnandi kuhle kwenyama ojwayele ukuyidla”
UProVeg ukhulumela noma ummela ukushintshwa kwempilo yemifino nezifakelo zenyama empilweni kanye nasemnothweni, esebenzisana nohulumeni nezinkampani ezizimele.
ISIPHETHO
Mayelana ne-ProVeg South Africa:**
I-ProVeg South Africa iyinhlangano yasendaweni ye-ProVeg International, ehlose ukuhlela kabusha uhlelo lokudla emhlabeni. Le nhlangano igxile ekuthuthukiseni imikhiqizo yezinhlanzi ezikhona ngemikhiqizo esuselwa ezitshalweni nasezinhlelweni ezithuthukisiwe. I-ProVeg ibambisana nezizinda ezahlukene, uhulumeni, abakhiqizi bokudla, kanye nezindaba, ukuze kube nokushintsha okukhulu emiphakathini nasezimbonini, kunciphise ukuncika kwezolimo lwezinyama, kube nomthelela omuhle kubantu, ezilwaneni, nasemhlabeni.