Press

I-Veganuary 2025 Yethulwa ne-ProVeg South Africa kwiPlant-Based New Year

veganuary-2025

UMasingana isikhathi senyanga sokuba nethemba kanye nokwenza izinqumo eziphusile zonyaka omusha. I-ProVeg yaseNingizimu Afrika iyaziqhenya ngokusebenzisana nomkhankaso we-Veganuary njengomkhulumeli kazwelonke osemthethweni ngoMasingana 2025, ihlinzeka  ngohlelohlahlo lwasimahla lwezinsuku ezingama-31 mayelana nokudliwa kokudla okunempilo okususelwa ezitshalweni zemifino eveliswa emhlabathini. 

I-Veganuary iwona mcimbi omkhulu oqhutshwa unyaka nonyaka omayelana nezitshalo zemifino eveliswa emhlabathini ohehayo, futhi ukhuthaze izigidigidi zabantu ukuzama ukulandela le ndlela yokudla njalo ngenyanga kaMasingana. I-Veganuary 2024 ibisonyakeni wayo we-10. Lo mkhankaso wamukelwe ngokusemthethweni amanxusa osaziwayo be-vegan abafana noBillie Eilish, uJoaquin Phoenix, u-Evanna Lynch noPaul McCartney.

Isekelwe inhlangano yamazwe ngamazwe we-Veganuary, i-ProVeg ikhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza ohambweni olungangenyanga ubude ukuze bathuthukise inhlalakahle yabo. Lolu hlelo luhlinzeka ngohlelohlahlo, ukuxhumana nomphakathi, izinsiza, iziphakamiso kanye namasu okupheka ukudla ngezindlela ezahlukene okususelwa ezitshalweni zemifino eveliswa emhlabathini, njengesingeniso esilula sendlela yokuphila. I-Veganuary ingekanoma ubani: kusukela ebantwini abadla imifino nenyama kanye nalabo abaqinise kakhulu ekudleni okunemifino, kodwa bebevakashela nasekudleni okunenyama ngakwelinye icala. Labo abathanda ukufaka ukudla okuningi okususelwe ezitshalweni zemifino eveliswa emhlabathini endleleni yabo yokudla, kuya kwabadla imifino kuphela, kanye nabadla inyama abafuna ukunciphisa ukuthembela kwabo emikhiqizweni yokudla kwenyama yezilwane zokufuywa. 

Abantu abayizigidi ezingama-25 emhlabeni wonke bazoyeka imikhiqizo yezilwane zenyama e-Veganuary ngenyanga kaMasingana 2024 – ngokusekelwe kunhlolovo ye-YouGov yamazwe omkhankaso we-Veganuary kanye nesilinganiso somthamo wabantu bakulawo mazwe. I-Veganuary yenze inhlolovo yezinyanga eziyisithupha yabahlanganyeli bomkhankaso abangama-277,000 wezinkulungwane abangena ngo-2024 ababambe iqhaza kumkhuphiswano we-imeyili wezinsuku ezingama-31. Imiphumela yabonisa ukuthi amaphesenti angama-81 abaphendulile, ibona abakwazile ukugcina ukwehla okukhulu ekusebenziseni kwabo imikhiqizo yezilwane zenyama. Kumaphesenti angama-65, cishe izingxenye ezimbili kwezintathu zabahlanganyeli abaqhubeka nokudla ukudla kwe-vegan izinyanga eziyisithupha, bathole ushintsho olukhulu ngombiko wesimo sabo sezempilo; ukwanda ngamandla ngamaphesenti angama-59, ukukhula kogqozi ngamaphesenti angama-57, isikhumba esingcono ngamaphesenti angama-54 kanye namaphesenti angama-48 ababambiqhaza abonisa izinguquko ezilindelekile emzimbeni womuntu.

Mayelana ngokombukiso wendlela yokuphila; abangama-27 babike ukuthi basadla ukudla kwe-vegan ngokuphelele, amaphesenti angama-37 adla okungenani amaphesenti angama-75 wenyama kanye neminye imikhiqizo yokudla eyenziwe ngenyama yezilwane, amaphesenti ayi-17 adla okungenani amaphesenti angama-50 wenyama neminye imikhiqizo yezilwane kanti amaphesenti angama-95 awakaziwa ngokuphelele. I-vegan ithe bangase baphinde bazame ukudla kwe-vegan ngokuzayo. Okubalulekile, amaphesenti angama-58 athi kubasizile ukukhetha ukudla okusimeme futhi okunesiqwanga, kanti abangamaphesenti angama-55 bathi kubasizile ukukhetha ukudla okunempilo. Imiphumela egcwele Yocwaningo lwe-Veganuary Six-Month Survey ingatholakala lapha.

Kulo nyaka i-Veganuary yandisa ukwethulwa kwemikhankaso eMalaysia, Peru, naseCanada okokuqala ngqa. INingizimu Afrika ike yamelwa yi-ProVeg ezinhlelweni ezedlule ze-Veganuary njengoba isaqhubeka nokwenza lokho ngo-2025. Sekukonke kunemikhankaso emazweni angama-20, futhi ababambiqhaza bazibandakanye cishe kuwo wonke amazwe omhlaba. Amabhizinisi angabamba iqhaza mahhala ngokuthumela ukubhalisa kwe-Veganuary kumasayithi awo, futhi anikezele ngezivumelwano ezikhethekile ze-vegan emikhiqizweni esuselwe ezitshalweni noma kwizidingongqangi zenyanga kaMasingana.

Amaholide isikhathi sokuzijabulisa kanye nokuzitika. Abathengi abadla imifino abathanda nabanesifiso sokuthatha amasampula alokhu kudla kule nyanga kaZibandlela ngesikhathi kuqondwe kwi-Veganuary, bangabhekisela ku-ProVeg’s  uhlu lamasu okupheka wesikhati samaholide kanye neziphakamiso zesidlo sokudla okuseselwe ezitshalweni. Ngamalungiselo amancane, abantu baseNingizimu Afrika bangakwazi ukubamba imibuthano enobungani ngokudla okunemifino futhi ebandakanya wonke umuntu.

Izitolo zokudla okusheshayo zondla imindeni eminingi eNingizimu Afrika uma kuqhathaniswa nenani langaphambilini, ngokunyuka ngamaphesenti angama-41 wezitolo ezithengisa ukudla okusheshayo sekukonke uma kuqhathaniswa nonyaka wezi-2019. Kumakhasimende afuna ukudla okuthengwa sekulungele ukudliwa ngesikhathi samaholide awo, i-Veganuary, noma nini: I-ProVeg ihlaziye futhi yakleliswa noxhaxha lwezitolo ezingundabuzekwayo ezweni ngobungane bawo bokudla bemifino esuselwe ezitshalweni.

Abantu baseNingizimu Afrika abanentshisekelo yokubamba iqhaza ku-Veganuary kulo nyaka bangabhalisela i-ProVeg Veggie Challenge.

ISIPHELO

Oxhumana naye wabezindaba. 

I-ProVeg South Africa – Wikus Engelbrecht – Umphathi Wezokuxhumana: [email protected]; +27 64 172 0120

Mayelana ne- ProVeg South Africa:

I-ProVeg South Africa iyigatsha le-ProVeg International. I-ProVeg iyinhlangano yamazwe ngamazwe emelela ukudla, esebenzela ukuguqula uhlelo lokudla umhlaba wonke. Lokhu bakwenza ngokuthi bafake ukudla okususelwe ezitshalweni ezivezwa umhlabathi esikhundleni sokudla komkhiqizo osuselwe enyameni yezilwane zokufuywa, kanye nezinye izindlela zamasiko.

I-ProVeg isebenza nezinhlaka ezithatha izinqumo zamazwe ngamazwe, ohulumeni, abakhiqizi bokudla, abatshalizimali, abezindaba, nomphakathi jikelele ukusiza uguquko lomhlaba emphakathini kanye nomnotho ongancikile kwezolimo lwezokufuywa kwezilwane, futhi ozinze kakhulu kubantu, izilwane kanye nakuplanethi. 

Okuningi mayelana ne-Veganuary:

I-Veganuary iyinhlangano engenzi nzuzo emhlabeni wonke jikelele eye yagqugquzela izigidi zabantu ukuthi zizame i-vegan ngenyanga kaMasingana nangale kwawo. Ngamafuphi, umkhankaso we-Veganuary uyithuba lokumaketha imikhiqizo lamahhala lomhlaba wonke jikelele, abathengisi, kanye nezindawo zokudlela ukuze bakhuthaze futhi bathule imikhiqizo yabo ye-vegan

Inhloso yabo ukuthi baxhumanise izigidi zabathengi ababamba iqhaza ku-Veganuary namabhizinisi, angahlinzeka ngezindlela zokukhetha ukudla okunemifino okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini abababhekile ngesikhathi senyanga kaMasingana kanye nangale.

E-US, angaphezulu kwama-400 amabhizinisi abambe iqhaza ku-Veganuary 2024, kanti futhi nangaphezu kwe-1,000 abezindaba abakhuluma ngalo mkhankaso. Ukuzimatanisa ne-Veganuary kuyithuba elihle kakhulu lemikhiqizo lokuzibeka endaweni ezinzile, njengabaholi kwezezitshalo zemifino esuselwe emhlabathini kanye nokuxhumana nengxenye ekhulayo yabathengi be-vegan.

Top