Press

UHulumeni waseNtshonalanga Kapa kanye neProVeg bagqamisa i-Food Security and Nutrition for World Food Day

wfd-2024

Kuleli sonto mhla ziyi-11 kuMfumfu ithimba elivela kuHulumeni waseNtshonalanga Kapa
kanye namalungu e-ProVeg yaseNingizimu Afrika bavakashele i-Uniondale ngosuku lwe-
World Food Day ngenhloso yokubhekana nendlala, ezempilo kanye nezidingo zokudla
okunomsoco esifundeni.

I-World Food Day usuku lamazwe ngamazwe olugujwa minyaka yonke emhlabeni jikelele.
Lokhu kwenzeka njalo ngomhlaka-16 kuMfumfu minyaka yonke ukukhumbula usuku
okwasungulwa ngalo iNhlangano Yezizwe Ezihlangene Yokudla Nezolimo ngonyaka we-

  1. Kuzobe kugxilwe kwisiqubulo sonyaka wezi-2024 esithi “Ilungelo Lokudla Impilo
    Engcono Nekusasa Elingcono.” Lo mcimbi obaluleke kangaka wokuxhumana nabantu
    uhambisana neNational Nutrition Week  kazwelonke kusukela ngomhlaka 9 kuya
    kumhlaka 15 kuMfumfu.
    Izinhlelo zosuku zifaka izendlalelo zezinkulumo kanye nezingxoxo ehholo ledolobha i-
    Uniondale Town Hall and Sports Grounds. Izikhulumi nguDkt. Mogale Sebopetsa (iNhloko
    yoMnyango wezoLimo kuHulumeni waseNtshonalanga Kapa), uDkt Ivan Meyer
    (uNgqongqoshe Wezolimo, Ukuthuthukiswa Komnotho Nezokuvakasha eNtshonalanga
    Kapa), u-Andrew Stroebel (Imeya Ephethe KaMasipala waseGarden Route) u-Jackie von
    Brandis (IMeya Yesigungu esiphezulu se-Garden Route) kuMasipala waseGeorge kanye no-
    Donovan Will (uMqondisi Wezwe, i-South ProVeg Africa). Lezi zicukuthwane zizovakashela
    amakhaya, imiphakathi kanye nezikole endaweni okuhlanganisa isikole samabanga aphansi
    i-Dirk Boshoff, i-Avontuur primary kanye nesikole samabanga aphansi i-Haarlem.
    Amasampula okudla okunempilo okususelwe ezitshalweni ezivezwa umhlabathi azonikezwa
    abazohambela izinkundla zezemidlalo e-Uniondale.
    I-ProVeg izosabalalisa izincwajana ezifundisayo eziyizi-4000 mayelana nokudla okunempilo
    okususelwe ezitshalweni ezivezwa umhlabathi kubafundi bezikole zamabanga aphansi.

Nakuba emhlabeni wonke jikelele sinezinga eliphezulu lezingane ezinesisindo esikhulu
kanye nokukhuluphala ngokweqile, siphinde sibe nengane eyodwa kwezine zaseNingizimu
Afrika ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ezithintekayo ekuntuleni ukukhula
ngokwanele, isimo sezempilo esizivimbela amandla azo ukuba zikhule ngokuphelele, futhi
sibenze babesengozini yohlobo lwesi-2 lesifo sikashukela kanye nezinye izifo ezihlobene
nokudla okudliwayo, njengabantu abadala. Akuyona nje intsha kuphela edinga ulwazi
olwengeziwe mayelana nemikhankaso yemihlahlandlela yeNingizimu Afrika yokudla
okunempilo. Abazali, othisha nabaqashi bonke bazozuza ngokuzibophezela kulezi zimiso
zokudla okunempilo, ikakhulukazi ezindaweni zasemaphandleni, nasezindaweni ezikude
lapho ukuntuleka kokudla nokungondleki kuvame khona.

ISIPHELO

Oxhumana naye wabezindaba.
I-ProVeg South Africa â€“ Wikus Engelbrecht – Umphathi Wezokuxhumana:
[email protected]; +27 64 172 0120
Mayelana ne- ProVeg South Africa:
I-ProVeg South Africa iyigatsha le-ProVeg International. I-ProVeg iyinhlangano yamazwe
ngamazwe emelela ukudla, esebenzela ukuguqula uhlelo lokudla umhlaba wonke. Lokhu
bakwenza ngokuthi bafake ukudla okususelwe ezitshalweni ezivezwa umhlabathi
esikhundleni sokudla komkhiqizo osuselwe enyameni yezilwane zokufuywa, kanye nezinye
izindlela zamasiko.
I-ProVeg isebenza nezinhlaka ezithatha izinqumo zamazwe ngamazwe, ohulumeni,
abakhiqizi bokudla, abatshalizimali, abezindaba, nomphakathi jikelele ukusiza uguquko
lomhlaba emphakathini kanye nomnotho ongancikile kwezolimo lwezokufuywa kwezilwane,
futhi ozinze kakhulu kubantu, izilwane kanye nakuplanethi.

Top