Press

UHulumeni waseNtshonalanga Kapa kanye neProVeg yaseNingizimu Afrika bathulainkulumo Ngokungavikeleki Kokudla ngosuku lwe- World Food Day.

world-food-day-2024

I-World Food Day usuku olugujwa minyaka yonke kuMfumfu ziyi-16 ukukhumbula
iNhlangano Yezokudla Nezolimo yeNhlangano Yezizwe Ezihlangene, eyasungulwa
ngonyaka we-1945. Isiqubulo sonyaka wezi-2024 sithi “Ilungelo lempilo engcono nekusasa
elingcono”. Imithelela yokuguquguquka kwesimo sezulu ezivunweni zezitshalo kanye
nemboni yezolimo iya ngokuya iba seqhulwini. Iningizimu ye-Afrika iyona esengcupheni
odabeni olusemqoka oluthinta ukuvikeleka kokudla kanye nendlala engenakugwemeka.
Umkhankaso woMnyango Wezolimo WaseNtshonalanga Kapa we-World Food Day,
uqhutshwa kanyekanye ne-National Nutrition Week eNingizimu Afrika (kusukela mhla ziyi-9
kuya ziyi-15 kuMfumfu) kanye neNgqungquthela Yomhlaba Wonke Yokudla (kusukela ziyi-14
kuya ziyi-18 kuMfumfu) endlunkulu ye-FAO eRome, eNtaliyane.


NgoLwesihlanu ziyi-11 kuMfumfu ithimba elivela kuHulumeni waseNtshonalanga Kapa
kanye namalungu weProVeg South Africa bavakashele idolobha lase-Uniondale,
esifundazweni esithembele kakhulu kwezolimo kodwa ehlale isengcupheni yesomiso,
ukubhekana nezinkinga ezibaluleke kakhulu zokuvikeleka kokudla kanye nokuntuleka
kokudla okunomsoco endaweni. Lezi zicukuthwane zivakashele izikole, kufaka phakathi
izingadi zokudla zomphakathi, i-Dirk Boshoff Primary School, i-Avontuur Primary School
kanye neHaarlem High School. Izithunywa ezivela kwa-ProVeg zisabalalise izincwajana
eziyi-2000 ezifundisa ngokudla okunempilo kubafundi abasebasha. Amakhulukhulu
ezakhamizi zakule ndawo zihambele umcimbi omkhulu obewuse-Uniondale Sports Field
obuphethwe nguDkt. Ivan Meyer (uNgqongqoshe Wezolimo, Ukuthuthukiswa Komnotho
Nezokuvakasha eNtshonalanga Kapa) Dkt. Mogale Sebopetsa (iNhloko yoMnyango
Wezolimo kuHulumeni WaseNtshonalanga Kapa).) u-Andrew Stroebel (Imeya Eyisikhulu
Kamasipala We-Garden Route) u-Jackie von Brandis (Imeya Ephethe Kamasipala wase-
George) kanye no-Donovan Will (UMqondisi Wezwe, i-ProVeg yaseNingizimu Afrika). 
Phakathi kwezinkulumo zosuku, izithunywa zikahulumeni zizibophezele ekuqedeni
ukuntuleka kokudla kanye nendlala emiphakathini entulayo, bagcizelela ukuthi ukudla
okuvikelayo akusikhona nje nganoma yikuphi ukudla okusepuletini, kodwa kumayelana
nempilo ezuzwa ekudleni okunomsoco. UNgqongqoshe u-Ivan Meyer ugcizelele ukuthi
ukuthola ukudla kuyingxenye yesidima somuntu. Lokhu kuholela ekuphileni kanye nezempilo
eziseqophelweni elithe thuthtu. Sekubikwe ukuthi seziyi-117 izikhungo zokuthuthukiswa

kokudla okunomsoco komphakathi (CNDCs) eGeorge kanye neziyi-6 e-Uniondale,
ezinezinhlelo zokwandisa izinsiza kanye nokweseka kakhulu ukuthuthukiswa kwezingadi
zemifino zomphakathi. Kuvele nokuthi amaphesenti angama-26 wabantu baseNingizimu
Afrika ababalelwa ezigidini eziyi-14, okuhlanganisa namaphesenti angama-30 kamasipala
waseGeorge, bahlushwa indlala nokuntula ukudla. Izinhlaka zendawo ezingenzi inzuzo
ezibandakanyeka ezinhlelweni zokuphakela abantu ukudla, zizwakalise ukuvuseleleka
kwentshisekelo yazo yokusebenzisana nohulumeni kulolu daba olushisa ibunzi. I-ProVeg
inikele ngezinkukhu zokufuywa ezifinyelela ezi-2,500 ezixhaswe ngabakwa-The Fry Family
Food Co, ezakhamuzini zase-Uniondale nezicukuthwane ezinjengoDkt. Ivan Meyer, ukuze
kuqale ingxoxo emayelana neqhaza lokusetshenziswa kwezitshalo ezinothile ekudleni
okunempilo.


Ingane eyodwa kwezine zaseNingizimu Afrika ezineminyaka engaphansi kwemihlanu
ihlaselwa wukukhubazeka, okuyisimo sezempilo esizivimbela ukuba izingane zibe namandla
okukhula ngokwanele, futhi siphinde sizibeke engcupheni yokuba nesifo sikashukela
soHlobo lwesi-2 (Type 2 diabetes), kanye nezinye izifo ezihlobene nokungadli ukudla
okunomsoco njengabantu asebekhulile. Akuyona nje intsha kuphela edinga ulwazi
olwengeziwe mayelana nokufundiswa ngokudla okunempilo eNingizimu Afrika. Abazali,
othisha nabaqashi bonke bazohlomula kakhulu kulezi zimiso zokudla okunempilo;
ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. I-The Physicians Association for Nutrition 
eNingizimu Afrika inxuse ukuthi kube nezinguquko ezinzulu zokufundiswa ngokudla
okunomsoco nge-National Nutrition Week. 


Wonke umuntu kulo mhlaba udinga ukudla okusezingeni elincumisayo ukuze akhule, kodwa
izinhlelo zokudla ezisiphakelayo zingaphansi kwengcindezi ekhulayo, ekutheni zikwazi
ukuhlangabezana nezidingo zomthamo okhulayo wabantu kulokuguquka kwesimo sezulu.
Ngonyaka wezi-2022, abantu abayizigidi ezi-738.9 babhekane nendlala, kwathi izigidigidi
ezi-2. kanye nezigidi ezi-4 bebengenakho ukudla okugculisayo noma ngokwanele, kanye
nabantu abangaphezu kwezigidigidi ezi-3 nesigidi esi-1 abantula indlela yokufinyelela
ekudleni okunempilo. Manje, sisendleleni yokuhlangabezana ne-Sustainable Development
Goal (SDG) 2, kanye “ne-Zero Hunger.” Eminyakeni eyisithupha ezayo, kunokuba
kufinyelelwe kulo mgomo, abantu abangaphezu kwezigidi ezingama-590 emhlabeni wonke
kulinganiselwa ukuthi bazobhuqwa indlala, okungukuthi ngaso lesi sikhathi, umhlaba wethu
ubhekene nezinkinga eziningi ezihlobene ngqo nezinhlelo zethu zokudla – ikakhulukazi
ekudleni kwemikhiqizo esuselwe ezilwaneni zemfuyo – kuhlanganisa ukuguquka kwesimo
sezulu, ukulahlekelwa kwezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo, ukugawulwa kwamahlathi
kanye nokucekelwa phansi komhlaba. Ohulumeni bayehluleka ukuhlangabezana nezinjongo
ze-Paris Agreement kanti nezinhlelo zethu zokudla ziyaqhubeka nokuzibophezela

kumaphesenti angama-30 omhlaba wonke, ukukhishwa kwesisi esingcolisa umoya
esibangelwa abantu, amaphesenti angama-90 okugawulwa kwamahlathi emhlabeni wonke,
amaphesenti angama-70 okusetshenziswa kwamanzi kanye nembangela enkulu
yokulahleka kwezinhlobonhlobo zemvelo.
Amazwe ase-Afrika alahlekelwa kuze kufinyelele emaphesentini ama-5 we-GDP yawo
minyaka yonke, njengoba ethwele kanzima emhlabeni wonke jikelele ngenxa
yokuguquguquka kwesimo sezulu, ngokusho kombiko omusha. Isomiso eningizimu ye-Afrika
sishiya izigidi zabantu zilambile. Emadolobheni aseZimbabwe, abantu abayizigidi ezi-2
namakhulu ayi-7 basengozini yokubhuqwa indlala, ngenxa yesomiso esigubezele izindawo
eziningi zaseningizimu ne-Afrika, kusukela ekupheleni konyaka wezi-2023 ukuntuleka
kwemvula. Ukushisa okudlulele kuye kwashisa izitshalo ezitshalwa ngamashumishumi
ezigidi zabantu kanti zithembele kuzo ukuze ziphile, futhi lezi zitshalo zikhubazwe nakakhulu
ukuntuleka kwemvula. Isomiso eZimbabwe, emazweni angomakhelwane iZambia neMalawi
sesifinyelele ezingeni lezinhlekelele, izwe laseZambia neMalawi basanda kumemezela
izinhlekelele zezwe. Isomiso esifanayo sesifinyelele eBotswana nase-Angola kuya
entshonalanga, eMozambique naseMadagascar kuya empumalanga, okube nomthelela
omkhulu ezweni laseNingizimu Afrika lapho isomiso esiyingqopha-mlando khona, kanye
namazinga okushisa angaphezu kwesilinganiso ekuqaleni konyaka wezi-2024, nokuholele
ekutholeni umbila ongaphansi kwesilinganiso kanye nezinye izivuno esifundeni sonkana.
EMalawi, abantu abalinganiselwa ezigidini eziyisi-9, ingxenye yabo okuyizingane, badinga
usizo. EZambia, abantu abangaphezu kwezigidi eziyisi-6, kubo, izingane eziyizigidi ezi-3
abakhahlanyezwe yisomiso ngokusho kwe-UNICEF. I-United Nations Children’s Fund ibika
ukuthi “kunezinkinga eziqhubekayo” zesimo sezulu esibi empumalanga naseningizimu ye-
Afrika, lapho zombili lezi zifunda zibe neziphepho, izikhukhula, ukushisa kanye nesomiso
ngonyaka odlule. Le miphumela emibi yokuguquguquka kwesimo sezulu ivame ukuthi ibe
yingozi kakhulu, ikakhulukazi emhlabeni wabantu osimo sabo sintekenteke kakhulu.

ISIPHELO

Oxhumana naye wabezindaba.
I-ProVeg South Africa – Wikus Engelbrecht – Umphathi Wezokuxhumana:
[email protected]; +27 64 172 0120
Mayelana ne- ProVeg South Africa:
I-ProVeg South Africa iyigatsha le-ProVeg International. I-ProVeg iyinhlangano yamazwe
ngamazwe emelela ukudla, esebenzela ukuguqula uhlelo lokudla umhlaba wonke. Lokhu
bakwenza ngokuthi bafake ukudla okususelwe ezitshalweni ezivezwa umhlabathi esikhundleni sokudla komkhiqizo osuselwe enyameni yezilwane zokufuywa, kanye nezinye izindlela zamasiko.


I-ProVeg isebenza nezinhlaka ezithatha izinqumo zamazwe ngamazwe, ohulumeni,
abakhiqizi bokudla, abatshalizimali, abezindaba, nomphakathi jikelele ukusiza uguquko
lomhlaba emphakathini kanye nomnotho ongancikile kwezolimo lwezokufuywa kwezilwane,
futhi ozinze kakhulu kubantu, izilwane kanye nakuplanethi.

Top