Press
Ukukleliswa kwamaFranchises waseNingizimu Afrika Wokudla Okusheshayo Okususelwe Ngobudlelwano Ezitshalweni Ezivelswa Emhlabathini 2024
Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bathenge ukudla osekulungele ukudliwa (ukudla osekuvuthiwe) ngenyanga kaMeyi kulo nyaka kunokuba bavote okhethweni lukazwelonke. I-Quick-Service Restaurants [QSRs] indawo yokudlela, yondla imindeni eminingi ezweni lonke ngaphezu kunakuqala. I-ProVeg isizibeke kwibalazwe futhi yakleliswa nezitolo ezidumile ngokwandisa ukuzikhethela ekudleni kwabo kwemifino.
Ukwanda kwe-veganism emhlabeni wonke jikelele kukhule ngokushesha eminyakeni yamuva, nabantu abaningi benza izinguquko zokuphila ngenxa yokukhathazeka kwezempilo kanye nemvelo. Ukukhishwa kwalo mbiko omusha kuza ngaphambi koSuku Lomhlaba LweVegan mhla lu-1 kuLwezi, kwethulwa umgubho waminyaka yonke we–World Vegan Month, isikhathi lapho abathengi ngokuvamile bethenga ukudla okuningi kwezitshalo zemifino eziveliswe emhlabathini futhi bathole nethuba lokwazi kangcono ngokujwayelekile ngendlela yokudla kwabantu abaphila ngokudla imifino kuphela.
Njengoba lolu kuwushicilelo lwesithathu lwaminyaka yonke lwe-ProVeg South Africa Plant-Based-Friendly Fast-Food Franchise Ranking. Lukhombisa ukukhula okuqhubekayo ngezindlela zokuzikhethela ukudla okususelwe kwaveliswa emhlanbathini ezindaweni zokudlela ze-QSRs eNingizimu Afrika, okusemgqeni ohambelanayo nokukhula jikelele kwemboni yezokudla okusheshayo kazwelonke, ebone ukwenyuka okungamaphesenti angama-41 wembuyiselo evela ekudleni okudayiswa sekulungele ukudliwa, uma kuqhathaniswa nonyaka wezi-2019, okulindeleke ukuthi ikhuphuke nge-CARG [Izinga Lokukhula Lonyaka Elihlanganisiwe] engamaphesenti angu-9.0 phakathi konyaka wezi-2023 kanye nonyaka wezi-2027.
U-Donovan Will, uMqondisi Wezwe, i-ProVeg yaseNingizimu Afrika uthe: “Nakuba isimo sezimakethe sinezinselele, kokubili emkhakheni wokudla jikelele kanye nasemkhakheni wokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini ngokukhethekile, zisekhona izindlela ezibalulekile zokuthi ama-QSR ahlomule emathubeni adalwe inzuzo eqhubekayo etholakale ezitshalweni ezisuselwe emhlabathini. Lokhu kuhlanganisa nokuhehwa kwamakhasimende amasha, ukwandisa kokusetshenziswa kwemali yamakhasimende akhona, kanye nokugqamisa ukuzibophezela ekwenzeni ngcono impilo kanye nokusimama ngezigaba zabo.”
Ukukhula okuqhubekayo kohla lokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini embonini yokudla okusheshayo, kukhombisa ukwanda kwesidingo sabathengi bokudla okusezingeni okunempilo, okulungile, kanye nokuyamene nemvelo. Ukwengeza kulokhu, kubalulekile ukugcizelela indima edlalwa ama-QSR embonini yezokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini. Lezi zindawo zokudlela zivame ukusebenza njengendawo yokuqala yokuxhumana kubathengi abathanda ukuzama ezinye izindlela zokudla okungasuselwanga ekudleni okunenyama. Njengoba lezi zindawo zokudla ezidumile nezijwayelekile kanye nezithenjwa kakhulu, zenza kube lula ukuthuthukiswa nokwamukelwa kweminye imikhiqizo phakathi kwabathengi. Inhloso yalo mbiko ukuhlola uhlu lokudla olukunikezelwa ngemibandela ethile eNingizimu Afrika, okuhlanganisa ukudla okunhlobonhlobo kanye namaphesenti wokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini bokuzikhethela, ukwethulwa kokudla, kanye nendlela yokubekwa kokudla. Ngaphezu kwalokho, lo mbiko wethula ukuhlaziywa, kanye nezincomo zezindawo zokudlela ukudla ezinhlanu eziphezulu. Iphinde iveze amathuba okungenzeka futhi anikeze ukubuyekezwa kwemakethe yemboni iyonke.
Umnqobi walo nyaka we-Fastest Plant-based Food Ranking eNingizimu Afrika kube i-Simply Asia, ekhuphukile isuka endaweni yesibili ngonyaka wezi-2023. I-franchise iphumelela ngohla layo lokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini, enikezela ngohla oluvuleleke ngokubanzi lwezindlela ezihlukene ngokwezigaba zokudla okunhlobonhlobo, njengeThai-inspired noodle, izinhlobo zokudla zelayisi kanye nezinhlobonhlobo ze-sushi ongazikhethela kuzona. I-Simply Asia iyona ehamba phambili ngokulebula kanye nokwethulwa kohla lokudla, ngokudidiyela izindlela ezihlukene zokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini ohlwini lazo lonke lokudla ngenhloso yokuhlinzeka wonke amakhasimende, kuyilapho idala khona uhla lokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini kwamakhasimende. Babeka isibonelo ezikumgangatho esiyilinganiso ngokusebenzisa i-tofu njengesithako esiyiqhawe ku-vegan, esingashintsheka kalula singene esikhundleni senyama kuzo zonke izidlo zabo, ukubonisa ubulula bokufaka ezinye izindlela ze-vegan ekudleni.
Uma sikhipha ama-QSR amahlanu aphezulu alungele ukwenza ubudlelwano nokudla okunemifino eNingizimu Afrika, abangeneli bomncintiswano abaphambili bahlanganisa [ngokuhlelwa ngokulandelana kwawo] i-Kauai, i-Panarottis, i-Nando’s ne-Spur – kuma-QSR angama-26 aqhudelanayo.
Kusukela ohlwini lwangonyaka wezi-2024, umbono we-ProVeg waseNingizimu Afrika ungomunye wenjabulo yokwanda kwesidingo sezindlela zokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini, kuyo yonke imboni yokudla okusheshayo. Lokhu kufakazelwa ukwanda kwebhizinisi le-QSR eminyakeni emihlanu edlule, kanye nemakethe yomhlaba wonke yokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini. Kodwa-ke, ucwaningo lwakamuva lwe-ProVeg South Africa luveze ukuba khona kwegebe elikhulu lokuqwashisa ngenani elikhulayo lezindlela zokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini, ezitholakala kuwo wonke ama-QSR asohlwini kulo mbiko. Kubabambiqhaza abangama-800 ababuziwe (bonke abafundi besizindalwazi se-PVSA), abakusilinganiso esingamaphesenti angama-31 bebenokwazi ngobukhona bezindlela zokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini kuma-QSR athile. Lokhu kusho ukuthi kukhona ukushoda okuphawulekayo ngezindlela zokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini ezikhona, ezindaweni zokudlela abantu kulabo abanentshisekelo yokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini.
Ngenxa yokuthi laba babambiqhaza sekuvele kwahlangabezwana nabo emkhakheni wezitshalo eziveliswa emhlabathini, Umkhankaso wabantu jikelele ungase ube phansi kakhulu. Lokhu kugqamisa ithuba lokumaketha nokuheha amakhasimende amasha ngokuthi kusetshenziswe amasu aqondiswe kulabo abahlosiwe. Ukuxhumana okuvamile nezithameli ezincane futhi ezinomthelela omkhulu ekuqwashiseni ngezindlela zokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini kuma-QSR. Uma ukwaziswa kwezethameli ezihlosiwe ze-ProVeg zihlala zingenalwazi, abantu abavumelana nezinto emphakathini ngokubanzi mancane amathuba wokuthi bazitholele bona ngokwabo lezi zindlela zokuzikhethela.
Uhide lwezitolo zezindawo zokudlela lungazuza ngokuthi lugqamise ezemvelo zazo kanye nokulandela izinqubo ezilungele impilo, ikakhulukazi mayelana nezindlela zokuzikhethela ukudla kwezitshalo eziveliswa emhlabathini. Okwamanje, kumbalwa kulokho okungekhona ukudla okususelwa ezitshalweni eziveliswa emhlabathini okunezindlela zokuzikhethela kuma-QSR afanelekile, amakwe ngezikhombisimpilo njengezinhlelo ezinamalebuli anemivuzo noma amalebula akhombisa ukuphila kahle kwenhliziyo. I-ProVeg inesiqiniseko esikhulu ngamathuba ezimbonini zemikhiqizo ye-QSR yokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini. Lokhu kusebenza ikakhulukazi kwezinye izindlela zokudla okutholakala emanzini noma olwandle kanye nezitolo zezindawo zokudlela ukudla okutholakala emifuleni.
Ngokomgomo wokuhlangabezana nezidingo zamakhasimende, ukwandisa ukuthengiswa kwemikhiqizo yokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini, kanye neziphakamisa ukwethenjwa amakhasimende, i-QSR ngayinye ebamba iqhaza kulo mbiko ithola imininingwane enzulu ye-ProVeg kanye nezincomo. Lokhu kubandakanya uhlu lokudla okutholakalayo kanye nokwengezwa kwezithako ezithile ekudleni kwabo, kanye nokulebula futhi nokubekwa kohlu lokudla okutholakalayo. Isisekelo sezindlela zokuzikhethela kokudla okususelwe ezitshalweni eziveliswa emhlabathini sesibekiwe: manje sekugxilwe ekukhuliseni kanye nasekukhulisweni kwemikhankaso yokuqwashisa amakhasimende ngale minikelo kuya ngale konyaka wezi-2024, okuhloswe ngayo ukwenza imali emakethe yokudla kwama-vegan emhlabeni wonke jikelele nokulinganiselwa ukuthi izofinyelela ezigidigidini ezingama-65.4 we-USD ngonyaka wezi-2030 ku-CARG. ngo-10.41%.
Ohlwini lwangonyaka wezi-2024, ukuqoqwa kwedatha nesikhathi sokuhlola siqale kusuka mhla ziyi-7 kuMasingana kuya mhla ziyi-7 kuNhlangulana onyakeni wezi-2024. Indlela yokunikezelwa ngamaphuzu ibisuselwa ezibalweni zokudla okususelwa ezitshalweni eziveliswa emhlabathini, izidlo eziseceleni, kanye nezibiliboco ezitholakala ohlwini lokuzikhethela lokudla futhi nasohlwini oluphelele lokudla bokuzikhethela. Amaphuzu amaningi anikezwe ngokwezinombolo kanye nephesenti ngokudla okuphelele, kwathi amaphuzu ambalwa anikezwa ukudla kwezitsha ezincane eziseceleni kanye nezitsha zezibiliboco.
Thola umbiko ogcwele wangonyaka wezi-2024 lapha. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nenqubo yokuqoqa idatha, indlela yokukleliswa, izindlela zokunikezela ngamaphuzu, kanye nemikhawulo yalo mbiko, sicela uvakashele ikhasi lemibandela yokuhlola ye-ProVeg.
ISIPHELO
Oxhumana naye wabezindaba.
I-ProVeg South Africa – Wikus Engelbrecht – Umphathi Wezokuxhumana: [email protected]; +27 64 172 0120
Mayelana ne- ProVeg South Africa:
I-ProVeg South Africa iyigatsha le-ProVeg International. I-ProVeg iyinhlangano yamazwe ngamazwe emelela ukudla, esebenzela ukuguqula uhlelo lokudla umhlaba wonke. Lokhu bakwenza ngokuthi bafake ukudla okususelwe ezitshalweni ezivezwa umhlabathi esikhundleni sokudla komkhiqizo osuselwe enyameni yezilwane zokufuywa, kanye nezinye izindlela zamasiko.I-ProVeg isebenza nezinhlaka ezithatha izinqumo zamazwe ngamazwe, ohulumeni, abakhiqizi bokudla, abatshalizimali, abezindaba, nomphakathi jikelele ukusiza uguquko lomhlaba emphakathini kanye nomnotho ongancikile kwezolimo lwezokufuywa kwezilwane, futhi ozinze kakhulu kubantu, izilwane kanye nakuplanethi.